2 kaPetru Chapter 2
1
Kepha kwavela nabaprofethi bamanga phakathi kwesizwe , njengokuba nakinina kuzakuba khona abafundisi bamanga abazakungenisa ngasese izifundiso zamanga ezibhubhisayo , bephika noMbusi owabathengayo, bezilethela ukubhujiswa okusheshayo;
2
nabaningi bayakulandela amanyala abo ; ngenxa yabo indlela yeqiniso iyakuhlanjalazwa;
3
nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili , abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.
4
Ngokuba uma uNk ulunkulu engayekanga izingelosi ezonileyo , kodwa wazinikela ukuba ziphonswe esihogweni , emigodini yobumnyama , ukuba zigcinelwe ukwahlulelwa,
5
nezwe lamandulo engaliyekanga , kodwa wamlondoloza uNowa , umshumayeli wokulunga , engowesishiyagalombili, mhla elet ha uzamcolo ezweni elingamesabi uNkulunkulu;
6
nemizi yaseSodoma neGomora wayahlulela wayichitha ngokuyiphendula umlotha, eyenza ibe yisiboniso kubo abangayikumesaba uNkulunkulu;
7
noLoti olungileyo, ehlushwa ngukuhamba ngamanyala kwabangenamthetho, wamhlangulisa --
8
ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo , ehlala phakathi kwabo , wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho --
9
iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu , kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,
10
ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa , bedelela ubukhosi ; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo,
11
kanti izingelosi, nokuba zizinkulu ngobuqhwaga namandla, azibamangaleli ngenhlamba phambi kweNkosi.
12
Kepha laba behlambalaza , benjengezidalwa ezingenangqondo , ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo,
13
bamukele umvuzo wokungalu ngi. Labo bathi ukutamasa emini kungukujabula; bayizisihla nezinsolo , bezitika ekukhohliseni kwabo bedla nani;
14
benamehlo agcwele ukuphinga nangayeki izono , bayenga imiphefumulo engaqinile, benenhliziyo ejwayele ukufisa, abantwana bokuqalekiswa,
15
beshiya indlela eqondileyo beduka , belandela indlela kaBalami kaBeyori owathanda umvuzo wokungalungi,
16
kepha waba nokusolwa ngenxa yokweqa kwakhe umthetho : imbongolo eyisimungulu yakhuluma ngezwi lomuntu , yanqabela ukuhlanya komprofethi.
17
Labo bayimithombo en genamanzi nezinkungu eziqhutshwa yisiphepho , abagcinelwe ubumnyama bobumnyama.
18
Ngokuba bekhuluma udwadwa , amazwi ayize, babayenga ngezinkanuko zenyama nangamanyala labo abasaphephayo abahamba ngokuduka;
19
bebathembisa inkululeko , kanti bona uqobo lwabo bayizigqila zokubhubha; ngokuba lokho umuntu ahlulwa yikho uyisigqila sakho.
20
Ngokuba uma bebuye bahilelwe, bahlulwe yikho, sebebalekele ukungcola kwezwe ngokuyazi iNkosi noMsindisi uJesu Kristu , khona ukugcina kwabo kubi kunokuqala.
21
Ngokuba ngabe kwab a ngcono kubo ukuba babengayazanga indlela yokulunga kunokuba kuthi sebayazile bafulathele umyalo ongcwele ababewunikeziwe.
22
Kubehlele njengokwesaga esiqinisileyo esithi : Inja yabuyela ebuhlanzweni bayo, nokuthi: Ingulube igezwe qede yaphindela ukuzibhixa odakeni.