2 iziKronike Chapter 35
1
UJosiya wamenzela uJehova iphasika eJerusalema ; balihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.
2
Wamisa abapristi ezikhundleni zabo , wabaqinisa emsebenzini wendlu kaJehova.
3
Washo kumaLevi afundisa wonke u-Israyeli, ayengcwele kuJehova, wathi: Bekani umphongolo ongcwele endlini ayakhayo uSolomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli; akusayikubakho mthwalo emahlombe enu ; khonzani manje uJehova uNkulunkulu wenu nabantu bakhe u-Israyeli.
4
Zilungiseni ngezindlu zawoyihlo ngezigaba zenu n jengokubhala kukaDavide inkosi yakwa-Israyeli nanjengokubhala kukaSolomoni indodana yakhe,
5
nime endaweni engcwele njengamaqembu ezindlu zawoyise babafowenu , abantu besizwe, yilelo nalelo libe nesigaba sendlu kayise yamaLevi.
6
Lihlabeni iphasika , nizingcwelise, nilungisele abafowenu ukuba benze njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.
7
UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi , onke abengaweminikelo yephasika , umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.
8
Izikhulu zakhe zabanika abantu , nabapristi, namaLevi iminikelo yesihle . OHilikiya, noZakariya, noJehiyeli, abaphathi bendlu kaNkulunkulu, babanika abapristi amawundlu ayizinkulungwa ne ezimbili namakhulu ayisithupha nezinkabi ezingamakhulu amathathu, kube ngokweminikelo yephasika.
9
OKhonaniya, noShemaya, noNethaneli, abafowabo, noHashabiya noJehiyeli, noJozabadi, izinduna zamaLevi , bawanika amaLevi amawundlu ayizinkulungwane eziyisihl anu nezinkabi ezingamakhulu ayisihlanu , kube ngokweminikelo yephasika.
10
Yayisilungiswa-ke inkonzo ; abapristi bema ezindaweni zabo namaLevi ngezigaba zawo njengesiyalezo senkosi.
11
Balihlaba iphasika, abapristi bafafaza ngezandla zabo, amaLevi alihlinza.
12
Ayisusa iminikelo yokushiswa ukuba ayabele njengamaqembu ezindlu zawoyise babantu besizwe , ukuze banikele ngayo kuJehova njengokulotshiweyo encwadini kaMose. Enze njalo nakuzo izinkabi.
13
Alosa iphasika ngomlilo njengokomthetho , neminikelo engcwele ayos a emakhanzini, nasezocweni, nasemabhodweni, ashesha akuletha kubantu besizwe.
14
Ngasemuva azilungiselela wona nabapristi, ngokuba abapristi, amadodana ka-Aroni, babesekunikeleni iminikelo namanoni kwaze kwaba sebusuku ; ngalokho amaLevi azilungiselela wona nabapristi, amadodana ka-Aroni.
15
Abahlabeleli, amadodana ka -Asafa, babe sendaweni yabo njengokwesiyalezo sikaDavide , no-Asafa, noHemani, noJeduthuni umboni wenkosi; abalindisango babengasesangweni; kwakungadingeki ukuba basuke emsebenzini wabo, ngokuba abafowabo amaLevi babalungisela.
16
Yayisilungiswa-ke inkonzo kaJehova ngalusuku lunye ukwe nza iphasika nokunikela ngeminikelo yokushiswa e -altare likaJehova njengesiyalezo senkosi uJosiya.
17
Abantwana bakwa -Israyeli ababekhona balenza iphasika ngaleso sikha thi nomkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.
18
Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa -Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi , nawo onke amakhosi akwa -Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.
19
Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wokubusa kukaJosiya leli phasika lenziwa. Ukufa kukaJosiya
20
Emva kwakho konke lokho uJosiya eselilungisile ithempeli , uNekho inkosi yaseGibithe wenyuka ukulwa neKharikemishi ngase -Ewufrathe; uJosiya waphuma ukumhlangabeza.
21
Kepha wathuma izithunywa , wathi: Nginamsebenzi muni nawe nkosi yakwaJuda na? Angiphambene nawe namuhla , kepha ngiphambene nendlu engilwa nayo ; uNkulunkulu ungitshelile ukuba ngisheshe ; mgweme uNkulunkulu onami ukuba angakuchithi.
22
Kepha uJosiya akaphendukanga kuye, kodwa waziguqula ukuba alwe naye; akalalelanga amazwi kaNekho emlonyeni kaNkulunkulu , weza ukulwa esigodini saseMegido.
23
Abacibishelayo bacibishela inkosi ; inkosi yathi ezincekwini zayo : Ngikhipheni, ngokuba ngikhutshaziwe kakhulu.
24
Izinceku zayo zayikhipha enqoleni , zayikhwelisa enqoleni yesibili eyayinayo, zayiyisa eJerusalema ; yafa, yembelwa emathuneni awoyise . Wonke uJuda neJerusalema bamlilela uJosiya.
25
Naye uJeremiya wamlilela uJosiya ; bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla ; bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe eziLilweni.
26
Ezinye izindaba zikaJosiya , nezenzo zakhe ezinhle nj engokulotshiweyo emthethweni kaJehova,
27
nezindaba zakhe , ezokuqala nezokugcina , bheka, zilotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli nakwaJuda.