2 AmaKhosi Chapter 5
1
UNahamani induna yempi yenkosi yase -Aramu wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe , otusekayo, ngokuba uJehova wayenikile i -Aramu ukunqoba ngaye; futhi wayeyiqhawe elinamandla, kepha wayenochoko.
2
Ama-Aramu ayephumile ngamaviyo , abuya ezweni lakwa -Israyeli enentombazana encane; yayiyincekukazi yomkaNahamani.
3
Yathi enkosikazini yayo : Sengathi inkosi yami ingaba phambi komprofethi oseSamariya; khona ibiyakuphiliswa ochokweni lwayo.
4
Yangena, yatshela inkosi yayo, yathi: Intombazana yasezweni lakwa-Israyeli yasho ukuthi nokuthi.
5
Inkosi yase -Aramu yayisithi : Yiya khona ; ngizakuthuma incwadi enkosini yakwa-Israyeli. Wasuka, wahamba namatalenta ayishumi esiliva nezinhlamvu eziyizinkulungwane eziyisithupha zegolide , nezingubo eziyishumi zokuphendulela.
6
Waletha incwadi enkosini yakwa-Israyeli, ethi: Manje, lapho le ncwadi ifika kuwe, bheka, ngithumile u Nahamani inceku yami kuwe ukuba umphilise ochokweni lwakhe.
7
Kwathi inkosi yakwa -Israyeli isiyifundile incwadi , yaklebhula izingubo zayo, yathi: Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale , ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukumphilisa ochokweni lw akhe, na? Ake niqonde, nibone ukufuna kwakhe ithuba lokulwa nami.
8
Kwathi u-Elisha umuntu kaNkulunkulu esezwile ukuthi inkosi yakwa-Israyeli iklebhulile izingubo zayo, wathumela enkosini, wathi: Uklebhuleleni izingubo zakho na? Makeze kimi, aze azi ukuthi kukhona umprofethi kwa-Israyeli.
9
Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe , wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha.
10
U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi : Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.
11
Kepha uNahamani wathukuthela , wahamba, wathi: Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphilise onochoko.
12
O-Abana noFariphari , imifula yaseDamaseku , abangcono kun awo onke amanzi akwa -Israyeli na ? Ngingegeze kuyo yini , ngihlambuluke, na? Wayesephenduka, wahamba ethukuthele.
13
Kepha izinceku zasondela, zakhuluma kuye, zathi: Baba, uma umprofethi ebekhulume kuwe into enkulu , ngabe ungayenzanga na ? Kakhulu kangakanani, uma ethi kuwe: Geza, uhlambuluke, na?
14
Wayesehla, wazicwilisa kasikhombisa eJordani njengezwi lomuntu kaNkulunkulu; inyama yakhe yabuya yaba njengenyama yomntwana omncane, wahlambuluka.
15
Wayesebuyela kulowo muntu kaNkulunkulu , yena nabantu bakhe bonke , weza, wema phambi kwakhe , wathi: Bheka, sengiyazi ukuthi akakho uNkulunkulu emhlabeni wonke, kwa-Israyeli kuphela; ngakho ake wamukele isipho encekwini yakho.
16
Kepha wathi : Kuphila kukaJehova engimi phambi kwakhe , angiyikwamukela lutho. Wamncengisisa ukuba asamukele, wenqaba kodwa.
17
Wayesethi uNahamani: Uma kunjalo , inceku yakho mayinikwe umthwalo weminyuzi emibili womhlabathi , ngokuba inceku yakho ayisayikunikela ngomnikelo wokushiswa nomhlatshelo kwabanye onkulunkulu , kuJehova kuphela.
18
Kule nto uJeho va makayithethelele inceku yakho : ekungeneni kwenkosi yami endlini kaRimoni uk ukhuleka khona, isencika esandleni sami , ngiguqe nami endlini kaRimoni , lapho ngiguqa endlini kaRimoni , uJehova makayithethelele inceku yakho le nto.
19
Wathi kuye: Hamba ngokuthula. Wahamba, wasuka kuye ibangana. Isono sikaGehazi nesijeziso sakhe
20
Kepha uGehazi inceku ka-Elisha umuntu kaNkulunkulu wathi: Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani lo wase -Aramu ngokungamukeli ezandleni zakhe akulethayo; kuphila kukaJehova, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe into kuye.
21
UGehazi wamlandela-ke uNahamani. UNahamani wathi ukumbona umuntu egijima emva kwakhe , wehlika enqoleni ukumhlangabeza , wathi: Nisahlezi kahle na?
22
Wathi: Sisahlezi kahle . Inkosi yami ingithumile ngokuthi : Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.
23
UNahamani wathi: Vuma, wamukele amatalenta amabili . Wamncengisisa, wabopha amatalenta amabili esil iva ezinqalathini ezimbili kanye nezingubo ezimbili zokuphendulela, wakunikela ezincekwini zakhe ezimbili; zakuthwala phambi kwakhe.
24
Esefike egqumeni wakuthatha esandleni sazo, wakubeka endlini, wavumela abantu ukuba bahambe; basuka.
25
Kepha yena wangena, wema phambi kwenkosi yakhe. U-Elisha wathi kuye: Uvelaphi, Gehazi? Wathi: Inceku yakho ayiyanga ndawo.
26
Wayesethi: Ayiyanga yini inhliziyo yami , lapho lowo muntu ephenduka enqoleni yakhe ukukuhlangabeza, na? Sekuyisikhathi sokwamukela izingubo, neminqumo, nezivini, nezimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, na?
27
Uchoko lukaNahamani luyakunamathela kuwe nasenzalweni yakho kuze kube phakade . Wayesephuma yena ebusweni bakhe enochoko , emhlophe njengeqhwa.