Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 3

1 Umntwana uSamuweli wamkhonza uJehova phambi kuka -Eli. Izwi likaJehova lalingavamile ngalezo zinsuku; nombono wawuyivelakancane. 2 Kwathi ngaleso sikhathi u-Eli elele endaweni yakhe -- amehlo akhe ayeqale ukufiphala waze wangaba nakho ukubona -- 3 isibani sikaNkulunkulu sasingakacimi , uSamuweli elele ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu, 4 uJehova wambiza uSamuweli; wathi yena: Ngilapha. 5 Wagijimela ku -Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile . Wathi: Angikubizanga; buya ulale. Wahamba, walala. 6 UJehova waphinda wambiza uSamuweli . USamuweli wavuka, waya ku-Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile . Wathi: Angikubizanga, ndodana yami; buya ulale. 7 Kepha uSamuweli wayengakamazi uJehova , nezwi likaJehova lalingakambulelwa kuye. 8 UJehova wambiza uSamuweli ngokwesithathu. Wavuka, waya ku-Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile. U-Eli wayeseqonda ukuthi nguJehova ombizile umntwana. 9 U-Eli wathi kuSamuweli : Hamba, ulale; kuyakuthi uma ekubiza , usho ukuthi: Khuluma, Jehova, ngokuba inceku yakho iyezwa . Wayesehamba uSamuweli, walala endaweni yakhe. 10 UJehova wafika , wema, wambiza njengakwe zinye izikhathi : Samuweli, Samuweli! USamuweli wathi: Khuluma, ngokuba inceku yakho iyezwa. 11 UJehova wathi kuSamuweli : Bheka, ngiyakwenza into kwa -Israyeli eziyakunkeneneza ngayo izindlebe zombili zabo bonke abayizwayo. 12 Ngalolo suku ngiyakumehlisela u -Eli konke engikukhulumile ngendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni. 13 Ngokuba ngimtshelile ukuthi ngiyakwahlulela indlu yakhe kuze kube phakade ngobubi abaziyo , lokhu amadodana akhe ayezehlisela isiqalekiso, engawakhuzanga. 14 Ngalokho ngif ungile ngendlu ka -Eli ukuthi ububi bendlu ka -Eli abuyikuhlangulwa ngomhlatshelo nangomnikelo kuze kube phakade. 15 USamuweli walala kwaze kwasa , wavula iminyango yendlu kaJehova . USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono. 16 U-Eli wayesembiza uSamuweli , wathi: Samuweli, ndodana yami ! Wathi: Ngilapha. 17 Wathi: Yintoni owayikhulumayo kuwe na ? Ake ungayifihli kimi ; uNkulunkulu makenze njalo kuwe , enezele futhi , uma ungifihlela izwi elilodwa lakho konke lokho owakukhuluma kuwe. 18 USamuweli wayesemtshela konke , akamfihlelanga lutho . Wathi: NguJehova; makenze okuhle emehlweni akhe. 19 USamuweli wakhula ; uJehova wayenaye ; akawisanga phansi nelilodwa lamazwi akhe. 20 Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumprofethi kaJehova. 21 UJehova waphinda wabonakala eShilo , ngokuba uJehova wazibonakalisa kuSamuweli eShilo ngezwi likaJehova.