1 kwabaseThesalonika Chapter 4
1
Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu , njengalokho nihamba kanjalo , manivame kakhulu kulokho.
2
Ngokuba niyayazi imiyalo esaninika yona ngayo iNkosi uJesu.
3
Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu , ukungcweliswa kwenu , ukuba nidede ebufebeni
4
ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha,
5
kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu
6
ukuba kungabikho noyedwa omonayo, aphambe umfowabo ngento, ngokuba iNkosi ingumphindiseli kukho konke lokho , njengokuba sanitshela phambili, saqinisa.
7
Ngokuba uNkulunkulu kasibizelanga amanyala , kepha wasibizela ebungcweleni.
8
Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu , yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.
9
Kepha maqondana nothando lobuzalwane anisweli ukuba umuntu anilobele, ngokuba nina uqobo ningabafundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane;
10
nempela niyakwenza lokho kubo bonke abazalwan e abaseMakedoniya lonke. Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba nivame nokuvama kulokho,
11
nikhuthalele ukuhlala ngokuthula , nokwenza okwenu , nokusebenza ngezandla zenu, njengokuba saniyala,
12
ukuze nihambe ngokufaneleyo kwabangaphandle, ningasweli lutho. Ukuvuka kwabafileyo
13
Kepha asithandi , bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo , ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.
14
Ngokuba uma sikholwa ukuthi uJesu wafa , wavuka, ngokunjalo-ke uNkulunkulu uyakubaletha nabaleleyo kuJesu kanye naye.
15
Ngokuba lokho sikusho kini ngezwi leNkosi ukuthi thina , esisekhona sisasele kuze kube sekufikeni kweNkosi, asiyikubandulela nempela abaleleyo,
16
ngokuba iNkosi uqobo iyakwehla ezulwini ngezwi lenhlokomo, ngephimbo lengelosi enkulu nangecilongo likaNkulun kulu, nabafileyo kuKristu bayakuvuka kuqala,
17
khona thina , esisekhona sisasele siyakuhlwithwa kanye nabo emafwini , sihlangabeze iNkosi emoyeni; kanjalo-ke siyakuba nayo iNkosi njalo.
18
Ngakho-ke duduzanani ngalawo mazwi.