Skip to Content

1 kwabaseKorinte Chapter 13

1 Noma ngikhuluma ngezilimi zabantu nezezingelosi , kepha ngingenalo uthando, ngiyithusi elikhencezayo nensimbi encencethayo. 2 Noma nginokuprofetha, ngiqonda izimfihlakalo zonke nokwazi konke, noma nginokukholwa konke ngangokuba ngingagudluza izintaba, kepha ngingenalo uthando, angiyinto yalutho. 3 Noma ngabela abampofu konke engina kho, noma nginikela umzimba wami ukuba ushiswe, kepha ngingenalo uthando, akungisizi ngalutho. 4 Uthando luyabekezela , uthando lumnene , alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; 5 aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu; 6 aluthokozi ngokungalungile, kepha luthokozela iqiniso; 7 lubekezelela izinto zonke , lukholwa yizinto zonke , luthemba izinto zonke, lukhuthazelela izinto zonke. 8 Uthando alusoze lwaphela ; kepha nokuba kukhona ukuprofetha , kuyakukhawuka; nokuba kuyizili mi, ziyakunqamuka; nokuba kungukwazi , kuyakukhawuka. 9 Ngokuba sazi inxenye, siprofetha inxenye. 10 Kepha nxa sekufikile okupheleleyo, lokho okuyinxenye kuyakukhawuka. 11 Lapho ngisengumntwana , ngakhulumisa okomntwana , ngaqondisa okomntwana, ngazindlisa okom ntwana; kuthe sengiyindoda , ngayeka okobuntwana. 12 Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi ; kepha lapho sobukana ubuso nobuso; manje ngazi inxenye , kepha lapho , ngiyakwazi ngokuphelele , njengokuba kade ngaziwa ngokuphelele. 13 Manje-ke kumi ukukholwa , nokwethemba, nothando, lokho kokuthathu ; kepha okukhulu kulokho luthando.