Skip to Content

1 kuThimothewu Chapter 2

1 Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa , nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke, 2 amakhosi nabo bonke abakhulu , ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo. 3 Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu 4 othanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso. 5 Ngokuba munye uNkulunkulu , munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, 6 owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke , kube ngubufakazi besikhathi esiyiso, 7 engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli -- ngikhuluma iqiniso , angiqambi amanga -- yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni. 8 Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke , ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana. Maqondana nabesifazane ebandleni 9 Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda , kungabi ngezinwele ezalukiweyo , nangegolide, nangamaparele, nangezambatho ezinemali eningi, 10 kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle. 11 Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke. 12 Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise , nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele. 13 Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho u-Eva. 14 Futhi u -Adamu kakhohliswanga , kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe , waphambuka; 15 kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana , uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.