1 kaJohane Chapter 1
1
Lokho okwakukhona kwasekuqaleni , esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu , sakubheka, nezandla zethu zakuphatha, okwezwi lokuphila --
2
lokho kuphila kwabonakaliswa , sakubona, siyaqinisa sinishumayeza lokho kuphila okuphakade okwakukhona kuYise, kwabonakaliswa kithina --
3
lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani , ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi . Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu.
4
Sesiyanilobela lokhu, ukuze intokozo yenu iphelele. Ukuhamba ekukhanyeni
5
Nanti izwi esalizwa kuye , sinishumayeza lona lokuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye.
6
Uma sithi sinenhlanganyelo naye sibe sisahamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso;
7
kepha uma sihamba ekukhanyeni , njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye , negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.
8
Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.
9
Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
10
Uma sithi asonanga, simenza umqambimanga, nezwi lakhe alikho kithi.