1 iziKronike Chapter 4
1
Amadodana kaJuda: ngoPheresi, noHesironi, noKarmi, noHure, noShobali.
2
URewaya indodana kaShobali wazala uJahati ; uJahati wazala o -Ahumayi noLahadi. Leyo yayiyimindeni yamaSorati.
3
Yilaba abangabakayise ka -Etamu: oJizreyeli, no-Ishima, no-Idibashi, igama likadadewabo lalinguHaseleliponi
4
noPhenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusha . Yilabo ababe ngamadodana kaHure izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema.
5
U-Ashuri uyise kaThekhowa wayenabafazi ababili, oHela noNahara.
6
UNahara wamzalela o -Ahuzamu, noHeferi, noThemeni, noHawahashitari. Yilabo ababe ngamadodana kaNahara.
7
Amadodana kaHela: ngoSereti, noJisihari, no-Ethinani.
8
UKhosi wazala o -Anubi, noSobeba, nemindeni ka -Ahariheli indodana kaHarumu.
9
UJabesi wayetuseka kunabafowabo ; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi, ethi: Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.
10
UJabesi wabiza uNkulunkulu ka -Israyeli, wathi: Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami , isandla sakho sibe nami , ungivikele ebubini , ngingehlelwa ngubuhlungu . UNkulunkulu wamnika akucelayo.
11
UKelubi umfowabo kaShuba wazala uMehiri owayenguyise ka-Eshitoni.
12
U-Eshitoni wazala uBeti Rafa , noPhaseya, noThehina uyise ka -Iri Nahashi. Yilabo ababe ngamadodana kaRekha.
13
Amadodana kaKenazi: ngo-Otheniyeli noSeraya; amadodana ka-Otheniyeli: nguHathati.
14
UMehonothayi wazala u -Ofira; uSeraya wazala uJowab e uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babe ngabakhandi.
15
Amadodana kaKalebi indodana kaJefune : ngo-Iru, no-Ela, noNahamu, namadodana ka-Ela, noKenazi.
16
Amadodana kaJehaleli: ngoZifi, noZifa, noThiriya, no-Asareli.
17
Amadodana ka -Ezra: ngoJetheri, noMeredi, no-Eferi, noJaloni; wazala oMiriyamu, noShamayi, no-Ishiba uyise ka-Eshitemowa.
18
Umkakhe umJudakazi wazala uJeredi uyise kaGedori , noHebere uyise kaSoko, noJekuthiyeli uyise kaZanowa. Kepha abanye babe ngamadodana kaBithiya indodakazi kaFaro eyathathwa nguMeredi.
19
Amadodana omkaHodiya udadewabo kaNahamu ayenguyise kaKeyila umGarimi no-Eshitemowa umMahakha.
20
Amadodana kaShimoni : ngo-Amnoni, noRina, noBeni Hanani , noThiloni. Amadodana ka-Ishi: ngoZoheti noBeni Zoheti.
21
Amadodana kaShela indodana kaJud a: ngu-Eri, uyise kaLekha, noLahada uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo bendlu ka - Ashibeya,
22
noJokimi, nabantu baseKhozeba , noJowashi, noSarafi ababebusa kwaMowabi, noJashubi Lehemi. Ngezasendulo kodwa lezi zindaba.
23
Labo babe ngababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi ngomsebenzi wayo.
24
Amadodana kaSimeyoni : ngoNemuweli, noJamini, noJaribi, noZera, noShawule,
25
noShalumi indodana yakhe , noMibisamu indodana yakhe , noMishima indodana yakhe.
26
Amadodana kaMishima: ngoHamuweli indodana yakhe, noZakuri indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe.
27
UShimeyi wayenamadodana ayishumi nesithupha namadodakazi ayisithupha; kepha abafowabo babengenabantwana abaningi , nomndeni wabo awandanga njengabantwana bakwaJuda.
28
Bahlala eBeri Sheba, naseMolada, naseHasari Shuwali,
29
naseBiliha, nase-Esemi, naseTholadi,
30
naseBetuweli, naseHorma, naseSikilagi,
31
naseBeti Marikaboti , naseHasari Susimi , naseBeti Biri , naseShaharayimi. Yileyo eyayiyimizi yabo kwaze kwabusa uDavide.
32
Imizana yabo yayiyi -Etamu, ne-Ayini, neRimoni, neThokheni, ne-Ashani, imizi eyisihlanu,
33
kanye nayo yonke imizana eyayiyizungeza le mizi kwaze kwaba seBali . Lezo zaziyizindawo zabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo.
34
Futhi oMeshobabi, noJamileki, noJosha indodana ka-Amasiya,
35
noJoweli, noJehu kaJoshibiya kaSeraya ka-Asiyeli,
36
no-Eliyohenayi, noJahakhoba, noJeshohaya, no-Asaya, no-Adiyeli, noJesimiyeli, noBenaya,
37
noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya.
38
Labo ababizwe ngamagama babeyizikh ulu emindenini yabo ; izindlu zawoyise zanda kakhulu.
39
Baya ngasekungeneni eGedori ngasohlangothini lwasempumalanga kwesigodi ukufunela izimvu zabo idlelo.
40
Bafumana idlelo elivundileyo nelihle ; izwe lalibanzi nxazombili , lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babe ngabakwaHamu.
41
Labo abalotshwe ngamagama bafika ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, bachitha amatende abo namaMehuni afunyanwa khona , bawaqothula kuze kube namuhla , bahlala esikhundleni sabo , ngokuba kwakukhona idlelo lezimvu zabo lapho.
42
Abanye babo, amadodana kaSimeyoni, abantu abangamakhulu ayisihlanu, baya entabeni yaseSeyiri benezinduna zabo oPhelathiya , noNehariya, noRefaya, no-Uziyeli, amadodana ka-Ishi.
43
Bachitha insali yama -Amaleki ephunyukileyo , bahlala khona k uze kube namuhla.