Skip to Content

1 iziKronike Chapter 21

1 USathane wema ukulwa no-Israyeli, wavusa uDavide ukuba abale u-Israyeli. 2 UDavide wayesethi kuJowabe nasezinduneni zabantu : Hambani nibale u - Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe umumo wabo kimi ukuba ngiwazi. 3 UJowabe wathi: UJehova makenezele kubantu bakhe, kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho; kepha, nkosi yami, nkosi, abasizo izinceku zenkosi yami bonke na ? Inkosi yami ifunelani le nto na ? Iyakuba yicala ngani ku - Israyeli na? 4 Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe . UJowabe waphuma , wadabula wonke u-Israyeli, wafika eJerusalema. 5 UJowabe wanika uDavide umumo wabantu ababaliweyo ; wonke u -Israyeli wayeyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinkulungw ane eziyikhulu abahloma inkemba ; uJuda wayeyizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisikhombisa. 6 Kepha oLevi noBenjamini akababalanga phakathi kwabo , ngokuba izwi lenkosi lalinengekile kuJowabe. 7 Kwaba kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya u-Israyeli. 8 UDavide wayesethi kuNkulunkulu : Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu. 9 UJehova wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi: 10 Hamba ukhulume kuDavide n gokuthi: U Jehova usho kanje , uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona. 11 UGadi wayesefika kuDavide, wathi kuye: UJehova usho kanje, uthi: 12 Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu , noma ukuchithwa yizitha zakho iz inyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho , noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni , ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa -Israyeli. Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo. 13 UDavide wathi kuGadi : Nginosizi kakhulu; mangiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu ; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso. 14 UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli; kwafa kwa-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa. 15 UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha ; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka , wazisola ngalobo bubi , wathi engelosini echithayo: Sekwanele; buyisa isandla sakho . Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi. 16 UDavide wayesephakamisa amehlo akhe , wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezu lu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo , yelulelwe phezu kweJerusalema . UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo. 17 UDavide wathi kuNkulunkulu : Akusimi yini owaya leza ukuba abantu babalwe na ? Yimina engonileyo ; ngenze kabi kakhulu, kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho, Jehova Nkulunkulu wami , masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa , singabi phezu kwabantu bakho ukubashaya ngesifo. I-altare elisesibuyeni sika-Orinani 18 Ingelosi kaJehova yamyala uGadi ukusho kuDavide ukuba uDavide enyuke, amisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Orinani umJebusi. 19 UDavide wenyuka ngezwi likaGadi alikhulumayo egameni likaJehova. 20 U-Orinani waphenduka , wayibona ingelosi ; amadodana akhe amane ayenaye acasha. U-Orinani wayebhula ukolweni. 21 UDavide esefika ku -Orinani, u-Orinani wabuka , wambona uDavide , waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheke phansi. 22 UDavide wathi ku -Orinani: Nginike indawo yalesi sibuya ukub a ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu. 23 U-Orinani wathi kuDavide : Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze okuhle emehlweni ayo ; bheka, ngiyakupha izinkabi zibe ngezeminikelo yokushiswa, nezibhulo zibe yizinkuni , nokolweni abe ngumnikelo wempuphu; ngikunika konke. 24 Inkosi uDavide yathi ku -Orinani: Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo , ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho , nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze. 25 UDavide wayesemnika u -Orinani ngendawo amashekeli angamakhulu ayisithupha egolide ngesisindo. 26 UDavide wamakhela khona uJehova i -altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula , wambiza uJehova ; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa. 27 UJehova wayiyala ingelosi; yabuyisela inkemba yayo emgodleni wayo. 28 Ngaleso sikhathi lapho uDavide esebonile ukuthi uJehova umphendulile esibuyeni sika-Orinani umJebusi, wahlaba khona. 29 Ngokuba itabernakele likaJehova alenza uMose ehlane ne-altare lomnikelo wokushiswa kwakusendaweni ephakemeyo eGibeyoni ngaleso sikhathi. 30 Kepha uDavide wayengenakuya phambi kwalo ukubuza kuNkulunkulu , ngokuba wagebhezelela inkemba yengelosi kaJehova.