1 iziKronike Chapter 13
1
UDavide welulekana nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu , nabaholi bonke.
2
UDavide wathi kulo lonke ibandla lakwa -Israyeli: Uma kukuhle kini , uma kuvela kuJehova uNkulunkulu wethu, masihlakazeke sithumele kubafowethu abasele ezweni lonke lakwa -Israyeli kanye nabapristi namaLevi emizini yabo enamadlelo ukuba babuthane kithi,
3
sibuyisele kithi umphongolo kaNkulunkulu wethu , ngokuba asiwufunanga ezinsukwini zikaSawule.
4
Lonke ibandla lathi liyakwenze njal o, ngokuba leyo nto yayilungile emehlweni abo bonke abantu.
5
UDavide wayesebutha wonke u -Israyeli kusukela eSihori laseGibithe kuze kube sekuyeni eHamati ukususa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati Jeharimi.
6
UDavide wenyukela kanye naye wonke u -Israyeli e Bahala, okungukuthi iKiriyati Jeharimi elalingelakwaJuda , ukukhuphula khona umphongolo kaNkulunkulu uJehova ohlezi phezu kwamakherubi , owawubizwa ngegama lakhe.
7
Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha , bewukhipha endlini ka-Abinadaba; o-Uza no-Ahiyo bashayela ingqukumbane.
8
UDavide naye wonke u-Israyeli bathokoza ebusweni bukaNkulunkulu ngamandla onke ngamahubo, nangamahabhu, nangezingubhu, nangezigubhu, nangamasimbali, nangamacilongo.
9
Ekufikeni kwabo esibuyeni sikaKidoni u-Uza welula isandla sakhe ukubamba umphongolo, ngokuba izinkabi zashelela.
10
Intukuthelo kaJehova yamvuthela u -Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.
11
UDavide wadabuka ngokuba uJehova emhlasele u -Uza, wayibiza leyo ndawo ngokuthi iPheresi-Uza kuze kube namuhla.
12
UDavide wamesaba uNkulunkulu ngalolo suku; wathi: Ngizakuletha kanjani umphongolo kaNkulunkulu kimi na?
13
UDavide akawuyisanga umphongolo kuye emzini kaDavide , kepha wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.
14
Umphongolo kaNkulunkulu wahlala nabendlu ka -Obede Edomi endlini yakhe izinyanga ezintathu; uJehova wayibusisa indlu ka-Obede Edomi nakho konke anakho.