Kuyakuba khona umend o nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele ; ongcolileyo akay ikuhamba ngayo , kepha iyakuba ngeyabantu bakhe ; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo , lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga , ntaba yobungcwele.