U-Aroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo ; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa.
Woshisa ingubo, noma izintanjana eziqondileyo noma ezinqamulayo, noma eyoboya bezimbuzi noma eyelineni , noma into yesikhumba esikuyo isifo , ngokuba kuluchoko olubi; kuyakushiswa ngomlilo.