Awuhambanga ngezindlela zabo , awenzanga ngezinengiso zabo , kepha njengokuba lokho kwakuyinto encane nje , wonakala kuzo zonke izindlela zakho kunabo.
Udadewabo u-Oholiba wakubona, kepha wonakala ekukhanukeni kwakhe kunaye, nasebufebeni bakhe obadlula ubufebe bukadadewabo.