Uma umfokazi noma ogogobeleyo kuwe eba ngocebileyo , umfowenu abe mpofu kuye , azithengise kumfokazi noma kogogobeleyo kuwe noma kowohlanga lwabomndeni wabafokazi,
Inkosi yayo yathi kuyo : Asiyikuphambukela emzini wabafokazi ongesiwo owabantwana bakwa-Israyeli, kepha siyakudlulela eGibeya.
nanjengokushisa endaweni eyomileyo . Uyathobisa umsindo wabafokazi ; njengokubalela ngomthunzi wefu, kanjalo ihubo labanonya liyakudanjiswa.