Uzakugcina umkhosi wesinkwa esingenamvubelo , udle isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa , njengalokho ngakuyala , ngesikhathi esinqunyiweyo senyanga ka -Abibi, ngokuba waphuma ngayo eGibithe, kungabonakali muntu phambi kwami ongaphethe lutho,
Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe , engacindezelwa lutho , angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle.