Bheka, izinsuku ziyeza , usho uJehova , lapho ngiyakumisela uDa vide iHlumela elilungileyo ; liyakubusa njengenkosi , libe nokuhlakanipha , lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.
yizwa manje izwi likaJehova wena nsali yakwaJ uda; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Uma nibhekisa nokubhekisa ubuso benu ukuya eGibithe, nihambe ukuba nigogobale khona,