Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo ; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.
Ngokuba umphefumulo wenyama yonke , igazi layo lihlangene nomphefumulo wayo ; ngalokho ngathi kubantwana bakwa -Israyeli: Maningadli igazi lenyama noma iyiphi , ngokuba umphefumulo wenyama yonke uyigazi layo; yilowo nalowo oyidlayo uyakunqunywa.