Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuqoqa impango kubo , bafumanisa phakathi kwabo ubuningi bengcebo nezidumbu nezinto ezinxanelekayo, bazihlubulela zona , kwaze kwangabakho ongazithwala ; kwaba yizinsuku ezintathu beqoqa impango, ngokuba yayiningi kangaka.