Ngenza isiyalezo ukuba ekubuseni konke kombuso wami abantu bathuthumele, besabe phambi kukaNkulunkulu kaDaniyeli , ngokuba unguNkulunkulu ophilayo , umi kuze kube phakade , nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa, nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.
Yanikwa ukubusa , nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu , nezizwe, nezilimi bayikhonze ; ukubusa kwayo kungukubusa okuphaka de okungayikudlula, nombuso wayo yiwo ongayikuchithwa.