Yamila, yaba ngumvini owenabayo, omfushane ngesimo, ukuze amagatsha awo abhekane nalo, nezimpande zawo zibe phansi kwalo; waba ngumvini-ke, waveza amagatsha, wakhipha amahlumela.
Yonke imithi yasendle iyakwazi ukuthi mina Je hova ngiwisile umuthi omude, ngiphakamisile umuthi omfushane ; ngomisile umuthi oluhlaza , ngihlumisile umuthi owomileyo. Mina Jehova ngikukhulumile, ngakwenza.