Bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu ; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike.
Noma ukusho ngenxa yethu impela na ? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu , ngokuba olimayo kufanele alime enethemba , nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye.