Kepha uPetru wathi : Qha, Nkosi, ngokuba angizange ngikudle okuyichilo nokungcolileyo.
Kepha ngathi : Qha, Nkosi, ngokuba okuyichilo nokungcolileyo akuzange kungene emlonyeni wami.
ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane , basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa , bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo.
Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuth andwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala , nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo.