Skip to Content

"okufana"

4 occurrences in ZUL

Phansi kwalo kwakukhona okufana nezintangazane nxazonke ezaluzungeza izingalo eziyishumi nxazonke; izintangazane zazisezinhleni ezimbili nxazonke zolwandle, zibunjiwe ekubunjweni kwalo.

Emhlabeni akukho okufana naye owenziwa abe ngongesabiyo.

Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi , isimo saso s injengetshe lesafire . Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.

Ngase ngibona okunjengethusi elikhazimulayo , kufana nomlilo phakathi kwakho nxazonke , kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya phezulu ; kusukela k okungathi ukhalo lwakhe kuya ngaphansi ngabona okufana nomlilo; kwamenyezela nxazonke kwawo.