Khuphukela entabeni ende , wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho , wena Jerusalema obika okujabulisayo , uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi : Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.
Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle , nomemezela ukuthula , obika izindaba ezinhle , ezwakalise ukusindiswa , oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: UNkulunkulu wakho uyinkosi.