Skip to Content

"ntombi"

7 occurrences in ZUL

Yehla, uhlale othulini wena ntombi , ndodakazi yaseBabele , uhlale emhlabathini, kungekho sihlalo sobukhosi , wena ndodakazi yamaKaledi, ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile nokuthi uyatetema.

Wathi: Awusayikujabula wena ntombi ehlazisiweyo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKitimi; nalapho awuyikuthola ukuphumula.

Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi : Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku , zinganqamuki, ngokuba i ntombi, indodakazi yabantu bami , ilimele ngokulimala okukhulu , ngokushaywa okunzima kakhulu.

Ngiyakubuye ngikwakhe , wakheke wena ntombi ka -Israyeli; uyakubuye uvunuliswe ngezigubhu zakho, uphumele ekusineni kwabathokozayo.

Zibekele amatshe , zimisele iziqondiso zendlela ; yibeke inhliziyo yakho emendweni, indlela owahamba ngayo; buya, ntombi yakwa-Israyeli, ubuyele kule mizi yakho.

Khuphukela kwaGileyadi , uthathe ibhalisamu , wena ntombi , ndodakazi yaseGibithe; usebenzisela ize imithi eminingi, ukuphuluka akukho kuwe.

Ngingafakaza ngokuthini ngawe , ngikufanise nani , ndodakazi yaseSiyoni , na? Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze , ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na ? Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle . Ngubani ongakuphulukisa na?