Wabutha wonke uJuda noBenjamini nabagogobele kubo bevela kwa - Efrayimi, nakwaManase, nakwaSimeyoni, ngokuba abaningi bahlubukela kuye bevela kwa-Israyeli, lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe unaye.
Emizini y akwaManase, nakwa-Efrayimi, nakwaSimeyoni kwaze kwaba nakwaNafetali wacinga ezindlini zabo nxazonke.