Yilezi eniyakunengwa yizo ezinyonini; aziyikudliwa, ziyisinengiso: ukhozi, nenqe, nengqungqulu,
Kepha ezinyonini zonke ezihlambulukileyo ningadla.
Kusithekile emehlweni abo bonke abaphilayo, kufihliwe ezinyonini zezulu.
Uyakuwa ezintabeni zakwa -Israyeli, wena namaviyo akho onke , nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.
Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yisho ezinyonini zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle, uthi: Buthani, nifike, nihlanganyele umhlatshelo wami nxazonke engiwuhlaba ngenxa yenu , umhlatshelo omkhulu ezintabeni zakwa-Israyeli, ukuba nidle inyama, niphuze igazi.
Abapristi abayikudla okuzifeleyo nokudweshuliweyo , noma ezinyonini noma ezinkomeni.
Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu , ithi: Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu