Kwathi ngokumitha kwemihlambi ngaphakamisa amehlo ami , ngabona ephusheni; bheka, izimpongo ezikhwela umhlambi zazingezinemishwe , nezimanakanaka, nezinala.
Yayisithi: Awuphakamise amehlo akho , ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe , nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.