Ezifundeni zonke nasemizini yonke lapho kufika khona izwi lenkosi nomthetho wayo , abaJuda babe nokuthokoza nokujabula , nedili, nosuku oluhle. Abezizwe abaningi baphenduka abaJuda , ngokuba babehlelwe yingebhe ngabaJuda.
AbaJuda babuthana emizini yabo ezifundeni zonke zenkosi u -Ahashiveroshi ukuba babek e izandla kulabo ababefuna ukubalimaza ; akubangakho ongamelana nabo, ngokuba abantu bonke babehlelwe yingebhe ngabo.
Zonke izikhulu zezifunda , nawothulasizwe, nababusi, nabenza umsebenzi wenkosi, babasiza abaJuda, ngokuba babehlelwe yingebhe ngoMoridekayi.