Uyakwencika endlini yakhe , kepha ayiyikuma ; uyakubambelela kuyo , kepha ayiyikuqina.
Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma , nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.
Akusalanga lutho angaludlanga; ngalokho inhlanhla yakhe ayiyikuma.
Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana , kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano ; kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo , kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.
Uyakubhekisa ubuso bakhe ukufika namandla ombuso wakhe wonke kanye nezivumelwano, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane , ayonakalise, kepha ayiyikuma, ingabi ngowakhe.
Uyakuvusela inkosi yasenin gizimu amandla akhe nesibindi sakhe ngempi enkulu, inempi enkulu enamandla impela ; kepha ayiyikuma , ngokuba bayakuceba amacebo ngayo.